Ubuyela enkantolo umholi weFees Must Fall

2016-12-20 10:02

Durban – Umholi weFees Must Fall, i-EFF ethi uyena kuphela osaboshiwe kubafundi ababebhikisha kulo nyaka, kulindeleke avele eNkantolo eNkulu yaKwaZulu-Natal eMgungundlovu ngoLwesine.

UBonginkosi Khanyile selokhu aboshwa ngoSepthemba 27 kanti ubhekene namacala okudala udlame emphakathini nokuhlangana okungavumelekile, ukungena lapho engenalo khona igunya nokugqugquzela udlame.

OLUNYE UDABA: Ishonile intombazane exoshelwe ukuba sesikhathini

Ngesikhathi egcina ukuvela enkantolo, iMantshi uJackie Jonck yamnqabela ibheyili, yathi nakuba amanyuvesi evalile, ukubakhona kwabantu abaningi abazomeseka enkantolo kuveza ngokusobala ukuthi uKhanyile unamandla amangakanani kwabanye.

Wathi udaba lwe-Fees Must Fall alukaphothulwa, njengoba uhulumeni nabafundi bangakafinyeleli esivumelwaneni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.