Ubuyela enkantolo usomabhizinisi osolwa ngokubulala unina

2017-10-25 11:00

Johannesburg - Usomabhizinisi wasePolokwane, uRameez Patel, ngoLwesithathu uzobuyela enkantolo njengoba esaqhubeka nesicelo sebheyili.

UPatel usolwa ngokwakha itulo lokubulala unina.

UMahajeen Banu Patel wadutshulwa wabulawa ngenyanga edlule ngumuntu okuthiwa wayekhokhelwe nguPatel ukuba ambulale.

UPatel uphinde abhekane nelinye icala lokubulala umkakhe, uFatima Patel.

Ngesikhathi egcina ukuvela enkantolo, uMbuso wathi imininingwane kamakhalekhukhwini kaPatel ikhomba ukuthi wayese-Extension 71.

OLUNYE UDABA: Bazovela enkantolo abasolwa ngokubulala umlingisi

Inkabi kuthiwa ihlala kule ndawo kanti yena wayelapho ngaphambi kancane kokubulawa kukanina.

Abameli baPatel bazama ukutshela inkantolo ukuthi ngumfowabo omncane, uRazeen, owabulala unina.

UMbuso kulindeleke ubize ufakazi wokuqala namhlanje.

Umsolwa nokho uyaphika ukuthi wambulala umkakhe nomama wakhe njengoba ethi babulawa yizigebengu.

UPatel usolwa nangokubulala isakhamuzi saseWestenburg, uTony Adams, ngo-2013.

Amaphoyisa athi u-Adams wayegcine ukubonakala engena emzini kaPatel.


- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.