Ubuyela inkantolo owabiza iphoyisa ngekhafula

2018-04-11 09:30

Johannesburg - Lowo owayengumdayisi wezindlu uVicki Momberg kulindeleke abuyele eNkantolo kaMantshi eRandburg ngoLwesithathu ukufaka isicelo sokuphikisa isigwebo seminyaka emibili kwenye inkantolo ephezulu.

Walahlwa yicala ngokudicilela phansi isithunzi sephoyisa lomuntu omnyama elalimsiza kulandela isigameko sokwebelwa emotweni yakhe esenzeka eNorthriding, eGoli.

Kwi-video eyasabalala, uMomberg uzwakala ekhala ngohlobo lwabantu abamnyama eGoli.

OLUNYE UDABA: Ugwetshwe iminyaka eyishumi oweba omakhalekhukhwini ababili

Kule video uzwakala esho igama lekhafula izikhawu ezingu-48.

UMomberg walahlwa ngamacala okudizilela phansi isithunzi somuntu ngoNovemba 3 nyakenye.

IMantshi uPravina Rugoonandan yamgweba iminyaka emithathu ebhadla ejele, walengiselwa unyaka owodwa, ngesigameko sokugcwasa ngokwebala esenzeka ngo-2016.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.