Ubuyiselwe kwelakubo owatholakala nophondo lukabhejane

2017-02-10 12:30

Wynberg – INkantolo kaMantshi yaseWynberg ikhiphe umyalelo wokuba uBingchang Liao, 24, noJiawei Yang, 27, babuyiselwe kwelakubo eChina.

Lokhu kulandela ukuthi laba babili bakhohlwa yisikhwama sabo endaweni yokudlela eHoutbay. 

Ngesikhathi abanikazi bale ndawo bevula lesi sikhwama, bathola izingcezu zophondo lukabhejana kanye namaphepha alaba bobabili.

Ngesikhathi kuqulwa leli cala ngoLwesithathu lezi zivakashi zakhetha ukwenza isivumelwano nenkantolo ngemuva kokuthi kubonakale ukuba uMbuso unobufakazi obuqinile.

OLUNYE UDABA:Sebeyitholile imiphumela abasolwa ngokukopela kaMatric

Bobabili balahlwe yicala lokutholakala nophondo lukabhejane kanye nezinyo lendlovu ngokungekho emthethweni.

Bagwetshwe iminyaka emihlanu, yalengiswa yonke.

Babuye bahlawuliswa imali engango-R35 000 umuntu ngamunye nokuyimali ezonikezelwa eBhodini lezeMvelo eWestern Cape enye ifakwe ku-akhawuntini yophiko lwamaphoyisa olushaqa impahla engekho emthethweni.

Inkantolo ibuye yenquma ukuthi laba bobabili abafanele ukuba kuleli futhi bangaphinde balibhade.

Bayalelwe ukuba lingabashoneli besayaluza lapha eNingizimu Afrika.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.