Ucabanga ukuthatha izinyathelo zomthetho okuthiwa ujola noRamaphosa

2017-09-04 11:04

Johannesburg – Owesifazane owenza iziqu i-PhD ufuna ukuthatha izinyathelo zomthetho ngemuva kokuba kudalulwe ukuthi ungomunye wabesifazane asebeke bajola nePihini likaMengameli uCyril Ramaphosa.

Lona wesifazane oyilungu le-ANC ngaphansi kwegatsha iSefako Makgatho, lezi zindaba uzithole ngezithombe zabesifazane okuthiwa bajola noRamaphosa ezisabalale ezinkundleni zokuxhumana, ngokusho kwesitatimende segatsha.

Kwesinye sezithombe, omunye wabesifazane oyilungu  legatsha lethu, uNonhlanhla Radebe, ufike kuthina wazofuna izeluleko zomthetho ngendlela angabhekana ngayo nodaba lokuthi ‘ujola uRamaphosa’, kusho igatsha esitatimendeni.

“UNonhlanhla Radebe ufisa ukucacisa ukuthi akaze athandane nephini likamengameli futhi akaze ahlangane naye,” kusho igatsha.

OLUNYE UDABA: Kushone 10 wabantu kungqubuzana izimoto

URadebe lezi zinsolo uzibona njengemizamo yokudicelela phansi isithunzi sikaRamaphosa ukuze engeke angene esikhundleni sikaMengamneli Zuma ngoDisemba, ngokusho kwesitatimende.

URadebe ufunda eGermany eTechnische Universität Berlin kanti okwamanje ukuleli ukuzokwenza ucwaningo ngezifundo zakhe.

Leli gatsha lithi lisamile ekutheni lifuna uRamaphosa abengumengameli olandelayo we-ANC.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.