UCassper useziqalile izinhlelo zokugcwalisa i-FNB Stadium

2017-07-21 14:00

Johannesburg – Ngemuva kokusingatha imicimbi embili emikhulu lapho ayenandisa khona eThe Dome kanye nase-Orlando Stadium, manje umrepha wakuleli, uCassper Nyovest, usephezu kwezinhlelo zokugcwalisa inkundla yezemidlalo enkulukazi kuleli, i-FNB Stadium.

Lo mrepha uveze kuTwitter ngoLwesine ukuthi izinhlelo zakhe zokusingatha umcimbi kule nkundla yezemidlalo elayisha abantu abangu-94 000 eGoli, ziyaqhubeka.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: UBabes Wodumo noJessica Nkosi kwethulwa izimpahla ze-Guess

“Sengivele sengihlela isiteji se-FNB Stadium. Angazi ukuthi ngizoyithola kuphi le mali kodwa lona kuzoba umcimbi omkhulu kakhulu emlandweni,” uCassper ubhale kanjalo.

Ngonyaka ka-2016, uCassper wabalula ukuthi wayedinga u-R25 million ukuze afeze iphupho lakhe lokunandisa e-Orlando Stadium, kodwa lokho akuzange kumthene amandla.

Lo mrepha akakaluqinisekisi usuku lwalo mcimbi obhekwe ngabomvu ozoba se-FNB. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.