UCaster uthi ufuna ukuvala isipepe labo abambhinqayo

2016-08-15 11:30

Durban – Umsubathi wakuleli uCaster Semenya obhekwe kakhulu ekutheni abuye nenye indondo yegolide kuma-Olympic, uthi labo abambhinqayo bazomelwa yizinhliziyo uma esenqoba.

USemenya uzoqala ukugijima imidlalo yokuhlunga ngoLwesithathu ngo-16:00 ngesikhathi sakuleli.

Uthi ufuna ukubavala isipepe bonke laba abamgxekayo uma esenqoba kowamanqamu ebangeni lika-800m ngoMgqibelo.

Sekuphinde kwaqubuka abantu, ikakhulukazi abanye abasubathi bakwamanye amazwe, ababhinqa uSemenya ngokubulili bakhe.

OLUNYE UDABA: UMbalula uphoxekile ngoCaster Semenya

Bathi ungowesilisa ngakho akumele aqhudelane nabantu besifazane.

“Laba abakhuluma ukuthanda kwabo ngami bazama ukungithena amandla ngaphambi kwale midlalo. Ngizobavala imilomo ngokuthi ngiwine,” esho.

Indaba yobulili bukaSemenya yaqala ukugqama ngo-2009 ngesikhathi enqoba indondo yegolide kweye-IAAF eGermany.

Thola udaba oluphelele ephephandabeni iLANGA.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.