Ucela usizo kwabase-KZN uBenni

2017-10-13 18:00

Durban – Ucela usizo kubantu baKwaZulu-Natal ukuba bamusize ashaye isitha sakhe angabhekani naso esingu-Eric Tinkler ololonga iSuperSport United umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy.

ICity izogadulisana neSuperSport kowamanqamu we-MTN8 ngoMgqibelo ngo-19:00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu njengoba laba baqeqeshi bengazwani.

Ingxabano yabo iqale khona eMoses Mabhida uMcCarthy esagijima kwi-Orlando Pirates, uTinkler esangumsizi kaRoger de Sa kwiBidvest Wits.

OLUNYE UDABA: UBenni iyamjulukisa eyokukhetha isikwati esizodlala koweMTN8

UMcCarthy ushiye angalazi kuTinkler noDe Sa etshela abezindaba ukuthi bangahlanganisa izinkomishi abazinqobe besadlala baphinde babeke nemali yabo ngeke basondele kuyena nakancane ngalezi zinto. Emuva kwale nkulumo uTinkler akaphindanga wazwana noMcCarthy.

UMcCarthy okuyisizini yakhe yokuqala engumqeqeshi ozimele ebholeni, ucela usizo kubalandeli bebhola bakulesi sifundazwe ukuba bamshayele uTinkler ukuze azibeke emlandweni wokunqoba inkomishi ngonyaka wakhe wokuqala eqeqesha.

“Le nkomishi ayikho mayelana nami kodwa kuyimvela kancane ukuthi umqeqeshi athi eqala nje ukupheka ikilabhu anqobe inkomishi,” esho.

UTinkler uthe uyakwazi okumele bakwenze kulo mdlalo ngakho-ke akanalo noluncane uvalo ngeCity.

"ICity ngiyazi njengoba ngizazi ngoba le kilabhu uMcCarthy adlala ngayo yakhiwe yimi ngesizini eyedlule."

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.