Ucela usizo ongabafuni abantu abamnyama, ikati lilele eziko

2017-01-19 13:01

Johannesburg – Umnikazi wendawo yezikashi, iSodwana Bay guest house, okholelwa ukuthi abantu abamnyama abayilutho kubantu abamhlophe futhi owayengafuni ukuba baqashe indawo yakhe, ucela usizo njengoba ikati selilala eziko.

U-Andre Slade wabangunabuzekwayo ngonyaka odlule ngesikhathi ethi ngeke abavumele abantu abamnyama baqashe indawo yakhe yezivakashi ngoba abantu abamnyama akumele bahlanganiswe nabelungu.

UNgqongqoshe wezokuVakasha e-KZN, uSihle Zikalala, wavulela le ndoda icala lokukhuluma okunenzondo, ukusebenza ngokungemthetho kanye nokungayikhokhi imali yentela.

USlade uthi kusukela lapho, ibhizinisi lakhe aliphindanga lahamba kahle.

OLUNYE UDABA: Video: Ungawukhokha u-R150 000 ukuhlala ubusuku kule ndlu?

Usenze isitatimende esifungelwe athi uzosifaka eNkantolo eNkulu KwaZulu-Natal ekhala ngokuthi akaphathwanga ngendlela efanele nguhulumeni waseNingizimu Afrika nabezindaba ngokumbiza kwabo ngomuntu ocwasa ngokwebala.

USlade uthi akazisoli nakancane ngendlela abona ngayo abantu abamnyama ngoba vele badalelwa ukuba yizisebenzi futhi yena wayehambisana kakhulu nohulumeni wobandlululo.

Uthi ucela abantu bamnikelele ngokuncane baze badlule kulesi simo ababhekene naso bewumndeni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.