UCele kanye nezikhulu zamaphoyisa baphuthume eMooi River Toll Plaza

2018-04-02 14:23

Durban - UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele kanye nabaphathi bamaphoyisa KwaZulu-Natal baphuthume eMooi River lapho ababhikishi bevale khona u-N3 ngoMsombuluko ekuseni.

Abashayeli bezimoto belulelwe ngokuba basebenzise eminye imigwaqo njengoba ukuhamba kwezimoto ku-N3, R622 naku-R103 kuphazamisekile ngenxa yombhikisho.

Ababhikishi babonakale bezitapela nempahla kumaloli kanti kuthiwa baphinde bawashisa futhi khona ngaseMooi River toll plaza.

OLUNYE UDABA: I-ANC kumele idlalele kude nenkohlakalo - Ramaphosa

Okhulumela uCele uNonkululeko Phokane uthi uNgqongqoshe kanye nabaphathi bamaphoyisa bathathe isinqumo sokuyozibonela mathupha ngemuva kwemibiko yokwebiwa kwempahla kumaloli, nangokuvalwa komgwaqo omkhulu.

"Amaphoyisa ayaqhubeka nomsebenzi wawo ukulawula isimo eMooi River,” kusho uPhokane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.