UCele wexwayise ngokweseka uZuma enkantolo

2018-04-04 14:01

Durban – Ungqogqoshe wamaphoyisa uBheki wexwayise lowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma kanye nabalandeli bakhe ngokuthi kabahlukane nokumema noma ukuhlanganisa izinhlaka ze-ANC ukuba zimeseke uma eseyovela enkantolo ngamacala enkohlakalo.

NgoLwesihlanu, uZuma uzovela okokuqala eNkantolo eNkulu eThekwini nokuyilapho ezophinde athweswe khona kabusha amacala enkohlakalo ngesikhathi kuthengwa izikhali.

“Akekho umuntu okungeyakhe i-ANC. Uma wenza amacala kumele ubhekane nawo ngaphandle kokubiza i-ANC ukuba ikuvikele sengathi wawutshontshela yona, ekubeni wawuzenzela wena nezingane zakho,” kusho uCele.

“Hlukanani ne-ANC. Ningasho ukuthi kanixwayiswanga uma ningalaleli,” esho.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa izingane ezintathu nendoda eKapa

UCele ubekhuluma namakhulu abalandeli be-ANC eLamontville, eningizimu yeTheku.

Inhloko ye-NPA uShaun Abrahams yabuyisela amacala ayethweswe wona phambilini uZuma kulandela umyalelo weNkantolo yokuDlulisa kwamaCala.

UCele ukhumbuze abaholi be-ANC ukuthi nakuba bethandwa ngamalungu enhlangano, akuyona eyabo i-ANC.

Ugcizelele umyalelo wesigungu esiphezulu se-ANC wokuba izinhlaka zayo zingazihlanganisi necala likaZuma.

 - The Mercury

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.