'Uchazwe njengomuntu obenogazi 'obulawe' ngowayeyisoka eMlazi

2017-01-31 11:31

Durban - Uchazwe njengomuntu obelungile futhi obaziwa yiwo wonke umuntu ehostela laseMlazi iGlebelands, u-Akhona Njokana, 31, okusolwa ukuthi ubulawe owayeyisoka lakhe ngoMgqibelo.

Sekuphekle iminyaka eminingi uNjojakana, eyisakhamuzi sakuleli hostela.

Isakhamuzi esingathandanga kudalulwe igama laso ngoba sisabela impilo yaso sithe: " Sineminyaka engu-7 simazi uNjokana. Iningi labantu belimazi kuleli hostela, ewumuntu ohlezi ejabulile futhi ehlezi ezincokolela.

"Ubengumuntu wabantu obehlezi emamatheka," kusho lesi sakhamuzi.

OLUNYE UDABA: Uyindoda enolaka umsakazi obulale intombi

Lesi sakhamuzi siphinde sathi uNjokana ubebamba amatoho njengoba isikhathi esiningi ubesichitha ehostela, ebonakala emini. 

Kubikwe ukuthi wabonakala enesoka lakhe ngaku-Block 50, kanti kuzofika owayeyisoka amxhakathise.

Kwaqubuka ingxabano phakathi kwamadoda kodwa ekugcineni kwashona uNjokana.

Kusolwa ukuthi wadutshulwa wabulawa owayeyisoka lakhe ngesikhathi uNjokana ezama ukulamulela isoka lakhe.

UNjokana, ongowase-Eastern Cape, wafika eThekwini esemncane ezofuna umsebenzi eminyakeni engaphezu kweyisikhombisa eyedlule ezohlala nodadewabo owathathwa wukugula.

UNjokana ungowesifazane wesihlanu ukushonela kuleli hostela, kanti ukushona kwakhe kusibeka ku-72 isibalo sabantu asebedlule emhlabeni kuleli hostela.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe indoda eneminyaka engu-29 ubudala izinikele emaphoyiseni aseMlazi ngeSonto ngecala lokubulala uNjokana.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.