UChicco uthi ubaba kaSenzo unobuSathane

2018-02-09 14:05

Johannesburg - Impi yobaba ababili…oyedwa owashonelwa yindodana eminyakeni emithathu eyedlule, nomunye indodana yakhe okubukeka sengathi isobishini.

Isihlabani somculi, uChicco Twala, sigxeke ubaba kaSenzo Meyiwa, uSam, ngemuva kokusola kwakhe uLongwe Twala, 33, okuyindodana yakhe, ngokubulala lowo owayeyisihlabani seBafana Bafana.

Ngesikhathi iDaily Sun ibuza uChicco ngoLwesine ukuthi useke wakhuluma yini noSam, uthe: “Angisoze ngiye kuyena. UnguSathane!

“Ngabe ngaya kuyena, kodwa wakhombisa ubuSathanse kusukela ngemuva kwesigameko, elokhu enuka abantu.”

UChicco uthi kusukela ekuqaleni nje uSam wayelokhu ethi yindodana yakhe ebulale uSenzo ngesibhamu sakhe uChicco.

“Inkinga ngobaba kaSenzo ukuthi unuka abantu okungebona abathintekayo.”

Uthi abantu ababesendaweni yesigameko kubulawa uSenzo abaziyo ukuthi wabulawa ubani.

OLUNYE UDABA: Uyaqhubeka umsindo ngefilumu iNxeba

“Ubaba kaSenzo uyaphapha. Sasingekho thina. Yibona kuphela abaziyo [ukuthi kwenzakalani].”

Uzichithile izinsolo ezithi wagwazela amaphoyisa. Uthi uzowasiza amaphoyisa uma kunesidingo.

USam uthi akaze yena abalule gama lamuntu. Laba bayavumelana kodwa ngokuthi abantu ababesendlini ngalobo busuku bayamazi umbulali kaSenzo.

“Mina ngathi kulabo ababesendaweni yesigameko, oyedwa wabo nguye owabulala uSenzo,” kusho uSam.     

UChicco ekhuluma emsakazweni uthe akekho oseke wasebenzisa isibhamu sakhe. Uthe uma kunguLongwe owabulala uSenzo kumele athathelwe izinyathelo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.