Uchitha eyokukhonza kwaShembe umculi wokholo

2017-10-15 16:31

Durban - Amathe abuyele kwaisfuba kubalandeli besilomo somculo wokholo uBabo Ngcobo, abakhonza ebandleni lamaNazaretha ngaphansi kweNkosi uMduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe, abebezitshela ukuthi sebehlabene ngalesi silomo ebandleni kulandela amahlebezi athi useyilungu lalo ibandla.

UBabo ozakhele udumo ecula izingoma zokholo ezihambisana nenkolo yobuKrestu uyawachitha lawa mahlebezi asabalale ngemuva kokubonakala kwakhe esina ededelana noSjava ogama lakhe langempela nguJabulani Hadebe, emcimbini wesikhumbuzo seNkosi uNyangayezulu esiyakhothama.

Kulo mcimbi uBabo ucule izingoma ezisecwecweni lakhe asanda kulikhipha ezisesihlabelelweni samaNazaretha.

Abazalwane abebekhona kulo mcimbi bathi lo mculi ufike eshaya ‘ngocetshwayo’njengawo amaNazaretha uma ekhonza kanti noma esegida bathi bekubonakala ukuthi akagidi ngoba egida kodwa yinto aseyiphila ngempela le.

Kuthiwa ubetshikizisa okwenhlalabutho uma izwa icilongo.

OLUNYE UDABA: Kushone umfundi osacazeke phansi esuka phezulu esitezi

Ngokusho kwabazalwane abakhonza kuleli bandla, uBabo ungene esiteji washaya ingoma yamaNazaretha ngokugcwele.

Ekhuluma neLANGA LangeSonto, uBabo ukuphikile ukuthi useyilungu lokuqina laleli bandla.

Uthi ubeye khona ngoba emenyiwe hhayi njengelungu lakhona.

“Ngikhuluma embhobheni kangishongo ukuthi sengiyazinikela kodwa ngithe ngibonga ukumenywa yibandla elikhulu kangaka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.