Uchithe ubusuku esitokisini umsakazi weGagasi FM

2017-01-31 13:01

Durban - Umsakazi weGagasi FM u-Alex Mthiyane uchithe ubusuku bangeSonto esitokisini ngemuva kwezinsolo zokuthatha iselula yomuntu ngaphandle kwemvume.

U-Alex kuthiwa uthathe umakhalekhukhwini kaLucky Makhathini ngaphandle kwemvume yakhe.

ULucky uyimenenja yomculi wowokholo u-Andile Ka-Majola.

Ekhuluma neDaily Sun, uLucky uthe u-Alex wamhlambalaza phambi kwamalungu ebandla KwaMashu.

ULucky uthe u-Alex, wafika kuyena sekuphume inkonzo wazomlwisa.

“Wakhipha ibhantshi ayeyigqokile wangihilizisa phambi kwabazalwane. Wangithuka wafuna umakhalekhukhwini wami. Wagcina ezithathele wona ngaphandle kwemvume yami. Ngabe sengiya esiteshini samaphoyisa KwaMashu ngiyovula icala,” usho kanje.

ULucky uthi u-Alex umdinelwe ngenxa yesehlakalo sango-2015.

OLUNYE UDABA: 'Umfundi weDoom' uthi akunikezwe inkantolo ithuba

“Ngamtholela umuntu ukuba aqophele umngani wakhe i-video. Manje usefuna mina ngikhokhe imali nakuba ngingazange ngithole ngisho indibilishi kuyona.”

Ngesikhathi ebuzwa ngezinsolo, u-Alex uthe: “Ima kancane mfowethu,” ngaphambi kokuba avale ifoni yakhe.

Ngesikhathi esefonelwa futhi, ubengasalubambi ucingo.

Umthombo uthi u-Alex uvele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoMsombuluko kodwa icala lahoxiswa ngoba uLucky ubefuna umakhalekhukhwini wakhe kuphela.

Okhulumela amaphoyisa aseKZN uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi u-Alex uchithe ubusuku esezikhindini kodwa wadedelwa izolo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.