Ucishe wadabula amafu ongenwe yikokoroshe ekhaleni

2017-02-08 19:34

New Delhi - Kutholwe ukuthi ungenwe yikokoroshe ekhaleni owesifazane ophuthunyiswe esibhedlela ngumkhwenyana wakwakhe.

Lo wesifazane waseNdiya ohlonzwe ngelikaSelvi, 42, wezwa kushisa ekhaleni ebusuku ngemuva kokususa isinambuzane esasigijima ebusweni bakhe. Kodwa ngeshwa akubanga njalo.

OLUNYE UDABA: Ubekwe icala uthishanhloko ngolwaseNdiya

Lesi sinambuzane sangena ekhaleni lakhe sayogumba engqondweni.

Wacela umkhwenyana wakwakhe ukuthi amuhambise esibhedlela lapho odokotela bathola ikokoroshe lilokhu lizula zula phakathi kwamehlo akhe ngaphakathi kugebhezi.

Ukube leli kokoroshe lagcina lifele phakathi, ukubola kwalo kwakuzodala ukuvuvukala kwengqondo, kuze kumenele.

Ngenhlanhla odokotela bakwazi ukulikhipha lisaphila ekhaleni lalo wesifazane.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.