Lagos - Amaphoyisa athungatha iqembu lamadoda asolwa ngokushaya ubaba waze wacishe wafa ngoba enqaba ukubavumela ukuba basoke indodakazi yakhe, kusho amaphoyisa aseNigeria.
U-Olalowo Hammed noModinat Olalekan basongelwa wumphakathi ngemuva kokuba enqabe nendodakazi yakhe ukuba isokwe.
OLUNYE UDABA: Iphoyisa lizingqongqise nendlu nezingane zalo ezimbili
UModinat nendodakazi yakhe bakwazile ukubaleka ezweni kodwa u-Olalowo Hammes akabanga nayo leyonhlanhla. Ngesikhathi eselungiselela ukuhamba iqembu lamadoda lavele lagcwala kwakhe lamshaya waze wacishe washona.
UHammed walahlwa ehlathini washiywa kanjalo. Ngenhlanhla wasinda wase efuna usizo.
UHammed wasikeka umzimba wonke evuvukele nobuso. Waphuthunyiswa esibhedlela la alashwa khona.
Njengamanje akukaboshwa muntu. Abanye abantu bathi uHammed waqamba amanga ngesigameko ukuze ezokwazi ukuba avunyelwe ukuhlala kwelinye izwe, kubika iwwww.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba
ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter