Ucishe wafa oweGagasi FM ebanjwa inkunzi

2016-07-17 09:35

Durban - Umethuli wezonhlelo emsakazweni iGagasi FM uDiva Kadach ucishe washona ngemuva kwezinsolo zokuhlaselwa yizigebengu ezimgwaze zamshiya kanjalo.

Ngokusho mkwemithombo uDiva ogamalakhe lokuzalwa nguLwazi Blose-Cele uhlaselwe elibvangise ekhaya ephuma ebumnandini kwaMax Lifestyle emcimbini wokugcina weDurban July.

OLUNYE UDABA: Usinde engozini yemoto umculi kamaskandi

Imithombo ithi abaphathi siteshi bahluleka ukumthola ocingweni izinsuku ezimbili base beya emzini wakhe oseMlazi eningizimu neTheku kodwa bangamthola.

Imithombo ithi ngemuva kwezinsuku ezimbili efunwa bashayelwa ucingo ngabasesibhedlela bebazisa ukuthi uDiva ukuphi.

"Ubesesimeni esibucayi esibhedlela," kusho umthombo.

Lo mhtombo uphinde wathi nakuba abaphathi besiteshi iGagais FM besola ukuthi uDiva wagwazwa yizigebengu ezazifuna ukugqekeza emzini wakhe basolwa ukuthi kungenzeka ukuthi wahlaselwa ngabantu abamzondayo ngenxa yesimo sakhe "sobutabane".

"UDIVA uyisitabane futhi uyazigqaja ngakho.Useke wasongelwa ngakho. Abanye abantu la ikakhulukazi abantu besilisa basakuthola kunzima ukwamukela izitabane," kusho umthombo.

Okhulumela iGgasi FM uKhulekani Shandu uthe: "Engikwaziyo wukuthi  izigebengu zathatha iselula yakhe. Angikwazi okunye kodwa sibonga ukuthi usaphila."

UDiva akatholakalanga ephawula, ubesasesibhedlela.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.