Ucishe waqulekisa abahleli bomcimbi umethuli wezinhlelo

2016-11-13 14:09

Durban - Umethuli wezinhlelo kumabonakude uMinnie Dlamini ucishe waqulekisa abahleli bomcimbi i-Essence Festival.

Lokhu kulandela ngemuva kokuba uMinnie ehlulekile ukufika emcmbini ngoLwesine.

Kusolwa ukuthi uMinnie uhluleke ukufika kulo mcimbi ngoba ubematasa eshutha isiqephu se-Tropika Island of Treasure.

OLUNYE UDABA: Usethi khumu ekushayeleni uhlelo lwezemidlalo iSoccerZone

Ngokusho kwemithombo uMinnie bekufanele afike eThekwini, la obekufanelE azosebenza khona njengomunye wabathuli bohlelo.

Umthombo uthi uMinnie obekulindeleke ukuba ethule uhlelo nejaji lama-Idols uSomizi Mhlongo ubengatholakali.

“Size samubheka ku-Instagram sizama ukuthola ukuthi ngabe ukuphi,” kusho umthombo.

“Bekufanele enze izinto zenzeke, anandise, akhulume nabantu kodwa lokho akwenzekanga,” kusho umthombo.

Omunye umthombo uthe abahleli bomcimbi abajabulile neze ngesenzo sikaMinnie.

“Bekufanele afike eThekwini ngoLwesine ukuze ezoqala umsebenzi wakhe. Isithombe sakhe sigcwele kuzo zonke izikhangisi zomcimbi.

“Asazi sithini kubalandeli,” kusho omunye wabahleli.

UMinnie akatholakalanga ephawula.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.