UCollen Maine ungumdayisi - owe-ANCYL

2018-04-13 11:03

Johannesburg - “UCollen Maine ungumdayisi. Akumfanele ukuba yiqabane,” kusho iphini likanobhala we-ANC Youth League, uThandi Moraka.

Usho kanje ekhuluma emcimbini wokukhumbula uMama Winnie Madikizela-Mandela eRegina Mundi Church eRockville, eSoweto, ngoLwesine.

Uthe uMaine akumfanele ukuhola uphiko lwentsha.

Uphinde wathi uMaine ufuna ukuba ngungqongqoshe ngazo zonke izindlela, yingakho enza kanjena.

“Sifuna uMaine esule esikhundleni ngokushesha.”

UMoraka ukusho lokhu ngemuva kokuba uMaine ethe waziswa nguNdunankulu waseNorth West uSupra Mahumapelo kwabakwaGupta.

OLUNYE UDABA: Ugcinwe esitokisini ojikijele ingane phansi ephezu komjondolo

UMaine uthe ukulungele ukudalula konke uma ecelwa ukuba enze njalo.

UMahumapelo waziwa njengomuntu obekhulisa uMaine kwezombusazwe.

UMoraka uphinde wagxeka lowo owayengumengameli wezwe uThabo Mbeki no-Archbishop Desmond Tutu.

“UThabo Mbeki akaze abuzwe ubuhlungu bokuhlukunyezwa umbuso wobandlululo.

“Mbeki, uma umzonda uMama Winnie, uyasizonda nathi. Baholi bebandla, siyanicela ukuba nikhulekele u-Archbishop Tutu aphenduke.

“Sifuna uTutu asitshele ukuthi kwenzakalani ngempela kwi-TRC.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.