Johannesburg – Ucwaningo olusha luveza ukuthi uma kuqhathaniswa
namanye amazwe, abantu besifazane baseNingizimu Afrika bathatha isikhathi eside
ukuqoma bebe beshadile.
Lolu cwaningo olwenziwe yi-website yabaqoma/nywa bebe beshadile noma
beshadelwe, iVictoriaMilan, luveza ukuthi abantu besifazane bakuleli
bathembeke kakhulu uma beqhathaniswa nabakwamanye amazwe.
Lo mbiko uqhuba ngokuthi abesifazane bakuleli kubathatha cishe iminyaka
eyisikhombisa kuze kube bephula izifungo zabo, kubika iDestiny.
Uphinde wananela ngokubalula ukuthi akubona bonke abesifazane abashithayo,
kepha labo abakwenzayo balinda isikhathi esithe xaxa uma beqhathaniswa
nabakwamanye amazwe.
OLUNYE UDABA: Ukwenza ucansi kunomthelela eholweni lakho - Ucwaningo
Lolu cwaningo luveze ukuthi abantu besifazane base-Ireland bathembeka
iminyaka elinganiselwa kwemithathu nje vo bese beyaqala bayaqoma.
“Abantu besifazane abashadile banezizathu abazibekayo uma beqoma. Kwesinye
isikhathi bakhala ngabayeni babo abangabanaki futhi abangabahloniphi.
“Yize ukuqoma kungasho ukuthi abasabathandi abayeni babo, kepha inhlansi
yothando isuke isiya ngokushabalala,” kusho umsunguli weVictoriaMilan, uSigurd
Vedal.
Lo mbiko ugqamise ukuthi ngokwesilinganiso, abesifazane bakuleli baqala
ukujolela ophathina babo kusukela eminyakeni engu-36 ubudala kuya phezulu.
Kuthini ukuphawula kwakho ngalolu
cwaningo?