UCyril Ramaphosa angeke abe ngumengameli – Malema

2017-01-24 11:30

Johannesburg – Umholi we-EFF, uJulius Malema, uthi oyiSekela Mengali wezwe nophinde abe nguSekela Mengameli weqembu elibusayo, i-ANC, uCyril Ramaphosa, uyokuzwa ngedaba ukuba ngumengameli olandelayo we-ANC nokungambeka emathubeni okuba uMengameli wezwe.

UMalema ubekhuluma nezintatheli ekomkhulu le-EFF, eGoli, kulandela umhlangano waleli qembu wangempelasonto.

Ube eseveza umbono wakhe ngokuthi ubani osemathubeni angcono okuthatha izintambo kuMengameli Jacob Zuma kwesokuba nguMengameli we-ANC engqungqutheleni yaleli qembu ezobe ingoDisemba.

OLUNYE UDABA: Iqembu le-ANC alidayisi - Ramaphosa

“UNkosazana Dlamini-Zuma uzoba nguMengameli uma ngabe uZuma efuna abe nguyena,” kusho uMalema.

Uthi umsebenzi kaDlamini-Zuma uma ethatha izintambo kuZuma kuzobe kuwukuvikela uZuma ukuze angabhekani namacala enkohlakalo.

“UNkosazana ukhohlakele. Uyamukela kanjani indondo kumaGupta uma ungakhohlakele? Usenza kanjani kube ngesifanelekile isikhungo esingekho emthethweni njengalesi esintshontsha izimali kuhulumeni wethu?” kubuza uMalema.

Ngonyaka ka-2015 isiteshi sikamabonakude sezindaba sabakwaGupta, i-ANN7 yakomelisa uDlamini-Zuma njenge-"South African of the Year".

Ube eseshiya angalazi kuRamaphosa:“UCyril uthanda izikhundla. Yonke into ingaye.”

Uthi lo sopolitiki osaphenduka usomabhizinisi umuncu ngenxa yokuthi wakhala ngaphansi kuThabo Mbeki wangakhethwa njengeSekela Mengameli ngonyaka ka-1994.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.