UDa Gama nesicelo kwiSafa ngeBafana

2017-03-30 18:01

Durban - Ufuna ukuqhubeka nokusebenza ebhentshini leBafana Bafana u-Owen Da Gama obebambe izintambo zokuqeqesha kuleli qembu okwesikhashana.

UDa Gama ubenikwe yiSouth African Football Association (Safa) umsebenzi wokuhola leli qembu emidlalweni emibili yesihle.

Kowokuqala iBafana iguqise ngo-3-1 iGuinea Bissau ngeledlule eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesibili kusihlwa ishayane yaze yabukana ne-Angola kuba ngu-0-0 eBuffalo City Stadium, e-East London.

UDa Gama izintambo usezinikela kumqeqeshi omusha okungakaziwa ukuthi ngubani kodwa okulindeleke ukuthi amenyezelwe maduzane njengoba kuthembise uMengameli weSafa, uDanny Jordaan.

UDa Gama uthi nakuba engakazi ukuthi ikusasa lakhe limi kuphi kodwa uzimisele ngokuqhubeka nokuhlala ebhentshini leBafana ukuze asize umqeqeshi ozayo.

OLUNYE UDABA: Kuzocaca namuhla ngekusasa lomqeqeshi obangwayo

"Le midlalo emibili esibe nayo ingivule amehlo ngebhola lakuleli ngakho-ke ngiyafisa ukuba yingxenye yethimba labaqeqeshi njengoba kuzomenyezelwa omusha maduzane. Angifuni ukuqamba amanga angazi ngimiphi ngekusasa lami ngoba mhlawumbe umqeqeshi ozofika uzokhahlela kwasani esebhentshini, eze nethimba lakhe.

"Ngikulangazelele ukubona ukuthi ngubani ozoqashwa futhi ngiyafisa kube ngumuntu ozovuma ukusebenza nathi ngoba sisuka kude naleli qembu. Kuza imidlalo enzima yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezokuba seRussia ngakho-ke kubalulekile ukuthi ngifake isandla ngoba okuningi ngiyakwazi futhi ngikubonile sihambisana nozakwethu," kusho uDa Gama.

Ubonga ithuba alinikwe yiSafa ukuhola leli qembu kule midlalo emibili.

"Kule midlalo sizifezile izinjongo zethu. Obekumqoka kunakho konke bekuwukubona abafana abancane ukuthi bamisa kanjani ezingeni eliphakeme. Ngigculisekile ngengikubonile, ikusasa lethu liqhakazile.

"Ngiyabonga kakhulu kubaqashi bami ngokungethemba banginike iqembu. Ngikholwa wukuthi kangibenzelanga phansi. Ngibonge nakubantu baseNingizimu Afrika abaseke leli qembu kule midlalo ngithi bangagcini kodwa baqhubeke njalo ngoba leli yiqembu labo akulona elamuntu," kusho uDa Gama.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.