UDa Gama ugxeka i-Angola ngamaqhinga okuvala emuva

2017-03-29 11:03

East London – Obambe njengomqeqeshi weBafana Bafana, u-Owen da Gama, usezwakalise ukungenami ngohlelo lwe-Angola lokudlala emdlalweni ophele zibambene ngeqanda nhlangothi zombili eBuffalo City Stadium, e-East London, ngoLwesibili kusihlwa.

Leli qembu laseNingizimu Afrika kanye nePalancas Negras bahluleke bancama ukubhakuzisa inethi kulo mdlalo wobungani obudlalelwa enkundleni ebigcwele phama.

Yize noma iBafana Bafana ibiwuphethe umdlalo, kodwa leli qembu lase-Angola livele “lapaka ibhasi” ngenhloso yokuthi libambe ezikaDa Gama ngokuhlasela sakuzuma.

Lama qhinga e-Angola abonakale emandla kakhulu kubagadli beNingizimu Afrika njengoba behluleke bancama ukugqobhoza udonga lwezimbangi.

OLUNYE UDABA: Umdlali ugxeke isikwati seBafana esizodlala ne-Angola

“Bekumele sibuke bonke abadlali. Bekumele sibanike ithuba, kodwa i-Angola ibivimbe kakhulu,” uDa Gama, 55, usho kanjalo ngemuva komdlalo.

“Bebevimbe ngezitobha eziyisithupha ngaso sonke isikhathi.

“Ngokusobala bebelwazi uhlobo lwebhola esiludlalayo, kodwa bavele bathembela ekuhlaseleni sakuzuma futhi bekuwukuvimba okukhulu.”

Njengoba imidlalo yobungani emibili yeBafana ne-Angola kanye neGuinea-Bissau isidlulile, manje sekubhekwe ngabomvu ukuthi ubani ozomenyezelwa njengomqeqeshi omusha waleli qembu lesizwe kulandela ukuxoshwa kobengumqeqeshi wayo uShakes Mashaba.

UMengameli weNhlangano yebhola kuleli, iSouth Africa Football Association (SAFA), uDanny Jordaan, uqinisekise ukuthi isimemezelo sizokwenziwa ngemuva komdlalo ne-Angola, okungenzeka kube uLwesine noma uLwesihlanu kuleli sonto. 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.