Udadewabo kaKelly Khumalo ulandisa ngokushona kukaSenzo Meyiwa

2018-02-16 14:03

Johannesburg - Udadewabo kaKelly Khumalo, uZandi, usebeke uhlangothi lwakhe ngokwenzeka ngobusuku okwashona ngalo uSenzo Meyiwa.

UZandi ungomunye wabantu ababesendlini kamama wakhe eVosloorus ngesikhathi kudutshulwa lesi sihlabani somdlali webhola ngo-Okthoba 2014.

Udaba lokushona kukaMeyiwa luphinde lwavuka kulezi zinsuku ngesikhathi kuTwitter kuvela izinsolo ezithi uLongwe Twala – owayethandana noZandi ngaleso sikhathi – wadubula uSenzo ngesibhamu sikayise, uChicco Twala. Bobabili nokho bayaziphika lezi zinsolo.

UZandi usho okufanayo nokwashiwo uLongwe, ukuthi waphuma wabaleka endlini ngesikhathi kungena izigebengu.

Ekhuluma emsakazweni uKhozi FM, uZandi ulandise ngokwenzeka, wathi babedla ngesikhathi sesigameko.

“Ngesikhathi sidla, kwangena abantu endlini. Bafuna omakhalekhukhwini kanye nemali. Ngesikhathi besho lokho, ngakhipha umakhalekhukhwini wami ngawufihla kusofa. ULongwe wasukuma waphusha isigebengu esisodwa, waphuma wabaleka…

“Ngesikhathi uLongwe ebaleka, sagxuma sizama ukubamba oyedwa wabo owayezama ukungena ngenkani ekamelweni, okwakubekele kulona uKelly,” kusho ngokombiko weTshisa Live.

OLUNYE UDABA: U-DJ enkingeni yesondlo

“Kwaba nokuhilizisana. Kusenjalo, kwaqhuma isibhamu. Ngabaleka ngayocasha endlini yangasese. Ngabaleka noTumelo [umngani kaSenzo] ngoba wayeseduze kwami. Ngabe sengizwa okunye ukuqhuma kwesibhamu sengisekamelweni, angibonanga ukuthi kwenzakalani. Ngabe sengibona usenzo ebaleka. Ngazibuza ukuthi kwenzakalani?’”

Uthi wabe esebona umama wakhe kanye noKelly begijima beya kuSenzo, owayeselele ngomhlane.

“UKelly wayekhala: ‘Ngicela nisize, umyeni wami'‚” kulandisa uZandi.

Uthi esinye sezigebengu sathatha umakhalekhukhwini kusofa ngalapho kwakudindilize khona uSenzo.

UZandi uthi ngesikhathi sezihambile izigebengu, waphuthuma endlini yangasese eyothatha umakhalekhukhwini wakhe, ngokuhamba kwesikhathi wayobiza omakhelwane.

Uthi ngesikhathi esebuya uSenzo wayesefakwe emotweni, eyiswa esibhedlela.

UZandie uthi umndeni wakhe awukaze ungasebenzisani namaphoyisa. Uthi bazama ngakho konke ukusiza amaphoyisa athole ababulalali.

- The Citizen

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.