Udalula okumenze isehluleki kwiPirates

2017-10-06 18:00

Durban - Umdlali osemncane weFree State Stars udalula into ebulala i-Orlando Pirates abedlala kuyona, azwakalise ukuthi uma inganqandwa nakanjani le kilabhu isazoqhubeka nokudonsa kanzima ngisho ingalanda muphi umqeqeshi.

USello Jaftha, 22, ushaye ibuya kwiFree State Stars emuva kokuba ebethengwe yiPirates ngasekuqaleni kwesizini eyedlule. Ufike kuyona waphenduka ifenisha isikimu esizwa ngendaba. Ibe isimubolekisa kuChippa United nakhona kwayinto efanayo, kubika ILANGA.

IPirates inqume ukumdedela wabuyela kuFree State Stars okuyiyona emuveze ebholeni elikhokhelayo. Lo mdlali engxoxweni abe nayo naleli phephandaba, uxwayise abadlali abasebancane ngobungozi bokujoyina amakilabhu amakhulu ekubeni lungakaqini ngokwenele ukhakhayi, waphinde waveza isizathu akholwa ukuthi sibulala iBucs.

OLUNYE UDABA: Wesule kungalindele muntu umqeqeshi welaseKZN

"Ngicishe ngalibulala ikusasa lami, iPirates ingisayinise ngivutha bhe kwiFree State futhi ngidlala naseqenjini lesizwe elincane kodwa ngafika kuyona kwashabalala konke lokho. Ungafunga ukuthi kangikaze ngilidlale ibhola ngendlela engiyiyona.

"Ngiyabaxwayisa abafana abangangami ukuba bangagagameli ukusayiniswa amakilabhu amakhulu ngoba iyashisa insimbi, kakudlalwa. Kungcono uma ukhulele esikhungweni sawo sokuthuthukisa ibhola. Uma uqhamuka ngaphandle ubandlululwa ngenye indlela.

"Nokho into ebulala kakhulu iPirates wokuthi kunabadlali osekufana nokuthi kusemakubo kuyona abadlala ngisho behlelwe yifomu, abanganyakaziswa nakancane.

"Ngeke ngibasho ngamagama kodwa uma ufika uthwala kanzima ngoba uyatshelwa ukuthi ngobani okungasondelwa kubona," esho.

 
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.