UDanny Jordaan uzokwamukela ukuqulwa kwecala ngezinsolo zokudlwengula - Ummeli

2017-11-01 11:00

Durban – Isikhulu se-SAFA uDanny Jordaan, osolwa yilowo owayeyilungu le-ANC ePhalamende aphinde abe ngumculi, uJennifer Ferguson, sithi sizokwamukela ukuthathelwa izinyathelo zomthetho, kusho ummeli waso.

Ummeli kaJordaan, uMamodupi Mohlala-Mulaudzi, utshele iNews24 ngoLwesithathu ukuthi uzimisele ngokubhekana ngqo noFerguson enkantolo. UFerguson wasola uJordaan ngokumdlwengula eminyakeni engu-24 eyedlule ehhotela elisePort Elizabeth.

UJordaan ubengakaze aphawule ngokwakhe kusukela kwavela lezi zinsolo.

Nokho, kulindeleke ukuba akhiphe isitatimende ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: 'Isikhulu sezebhola lezinyawo sangidlwengula'

Ngesikhathi enengxoxo nesiteshi somsakazo i-Radio 702 ngoLwesibili ebusuku, uFerguson uthe ezinye zezinyathelo ahlela ukuzithatha zibandakanya umthetho.

Ephendula uMohlala-Mulaudzi utshele iNews24 wathi: "Ikhasimende lethu liyaziphika zonke izinsolo ezibekwa lona nguJennifer Ferguson. 

"Ushilo ukuthi uhlela ukuvulela uMnu Jordaan icala. Siyakwamukela lokho ngoba sikholelwa wukuthi leyo kuzoba yinkundla ekahle ukudingida ngalolu daba."

Kuthiwa ngesikhathi kuqhubeka lolu hlelo, kukhona abanye abantu besifazane ababili abaphumele obala ngokuthi nabo uJordaan wake wazama ukubanukubeza ngokocansi.

UMohlala-Mulaudzi uthe ngeke baphawule ngalaba abanye abesifazane ababili.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.