UDavid Mabuza uzofungiswa njengesekela likaMengameli

2018-02-26 22:42

Durban - UMengameli Cyril Ramaphosa umemezele izinguquko kwiKhabhinethi lakhe ngoMsombuluko ebusuku, waveza nokuthi uDavid Mabuza uzofungiswa njengesekela lakhe ngoLwesibili.

Bese kunamahlebezi okuthi vele uMabuza nguye ozothatha lesi sikhundla kulandela ukunyuselwa kukaRamaphosa kwesikamengameli ngemuva kokufakwa amasondo kukaJacob Zuma.

Ngabe ungubani uDavid Mabuza?

IGAMA: UDavid Dabede Mabuza 

IMINYAKA YOBUDALA: 57

UMLANDO WOBUHOLI BAKHE: UDavid Mabuza wangena esikhundleni sokuba nguNdunankulu wesifundazwe iMpumalanga kusukela ngomhlala-10 Meyi 2009 futhi wajoyina isigungu esiphezulu se-ANC kusukela ngo-2007.

Lo mholi unomlando kwezembusazwe njengoba ake aba nguNobhala wenhlangano yabafundi i-Azania Student Organisation (AZASO) ngo-1984 kuya ku-1985, wadlulela esikhundleni sokuba nguMgcinimafa we-FEP, waba nangusihlalo wenyunyana yothisha i-SADTU kusukela ngo-1986 kuya ku-1990. Ngale kwalokhu uke waba wungqongqoshe wezemfundo kanye noSihlalo we-ANC nelungu lesigungu esiphezulu esifundazweni iMpumalanga.

UMabuza uchazwe njengomholi onekhono lokukwenza izinto zenzeke ngaphandle kokuphumela obala ngezinhlelo zakhe.

Iningi labantu linethemba lokuthi uMabuza uzokwenza ezibukwayo uma ekhethwa njengePhini likaMengameli we-ANC futhi uma eke wasithola lesi sikhundla, uyohamba naso aze athathe esokuba wuMengameli ngokhetho oluzayo.

OKUHLE: Ngesikhathi engena esikhundleni sokuba wuNgqogqoshe wezeMfundo esifundazweni iMpumalanga ngo-1998 uMabuza wakhuphula izinga lokuphasa lisuka ku-51% layohlala ku-71%.

Njengomholi we-ANC kulesi sifundazwe, wathatha leli qembu linabalandeli abancane kodwa manje sekuyisifundazwe sesibili esinabalandeli abaningi namalungu amaningi avotayo kule nkomfa kazwelonke.

OKUBI: UMabuza usanda kusolwa wuzakwabo kulo mbutho uMattlew Phosa njengozwilakhe okunguyena olawula yonke into kulesi sifundazwe ngisho namaphoyisa imbala.

Usolwa ngokuba nesandla ekukhishweni kwamathenda, ukuhlela ukusocongwa kwabantu nokukhwabanisa amavoti uma kunezinkomfa zikaKhongolose kodwa futhi akakaze aphenywe noma ajeze ngakho konke lokhu. Uyindoda engaqondakali njengoba kungacaci kahle okusuke kusemqondweni wakhe uma ezokwenza izinto.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.