UDe Lille uyalelwe ukuba athathe amasakana akhe aphume ehhovisi lomkhandlu

2018-05-08 16:00

UPatricia de Lille useyalelwe ukuba athathe amasakana akhe aphume ehhovisi aphinde abuyise nampahla yoMkhandlu waseKapa abeyisebenzisa, uma ikhona engakuye.

Lokhu kulandela isithangami sabezindaba sangoLwesibili lapho i-DA imemezele khona ukuthi uDe Lille akaselona ilungu leqembu.

I-DA ithe lokhu ikwenza ngokuhambisana nesigatshana u-3.5.1.2 okuMthethosisekelo weqembu, okubeka ngokusobala ukuthi uma ilungu lenhlangano likhuluma esidlangalaleni ngezifiso zokwesula eqenjini, ubulungu balo buyadatshulwa ngokushesha.

UDe Lille unikezwe incwadi ngoLwesibili emazisa ngalesi sinqumo, watshelwa nokuthi uyakhishwa esikhundleni sobumeya.

OLUNYE UDABA: UDe Lille uthi uzoyilwa enkantolo eyokuxoshwa kwi-DA

USomlomo uDirk Smit ube eseqokela kulesi sikhundla lowo obeyisekela likaDe Lille, u-Ian Neilson, njengebamba.

"IDemocratic Alliance isidabulile isivumelwano sobulungu bukaPatricia de Lille.

"Lokhu kuchaza ukuthi uselahlekelwe yisihlalo sakhe njengekhansela okusho ukuthi akaseyona iMeya yaseKapa, kusukela manje," kusho uNeilson.

Ikomidi lemeya nalo lihlakaziwe kanti kulindeleke ukuba kuqokwe elisha kungekudala.

Okwamanje nguNeilson noSmit kuphela abaphethe uMkhandlu waseKapa.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.