Udedelwe ngebheyili ka-R1 000 osolwa ngodlame lwaseMoses Mabhida Stadium

2018-04-25 16:00

Durban - Indoda esolwa ngokungena enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida Stadium ngempelasonto, isidedelwe ngebheyili ka-R1 000.

UPhelelani Jojisa uboshwe ngemuva kodlame olwaluphakathi kwabalandeli bebhola lezinyawo nonogada ngoMgqibelo ebusuku.

Ngemuva kwemizuzwana kuphele umdlalo weKaizer Chiefs neFree State Stars abalandeli bangena enkundleni behlasela kwasani eyayiphambi kwabo, bacekela phansi nempahla.

UJojisa uvele eNkantolo yesiFunda eThekwini lapho ebigcinwe khona esitokisini. NgoLwesithathu, uJojisa udedelwa ngebheyili. Kulindeleke ukuba abuyele enkantolo ngomhlaka-25 Meyi.

UJojisa eqala ukuvela, umndeni wakhe utshele abezindaba ukuthi banesiqiniseko sokuthi amaphoyisa abophe umuntu okungesiye ngoba uJojisa akasiye umlandeli weKaizer Chifes kodwa ungumlandeli we-Orlando Pirates.

Khonamanjalo, iMeya kaMasilapa weTheku, uZandile Gumede, udalule ukuthi umonakalo odalwe abalandeli enkundleni yezemidlalo ubalelwa emalini engu-R2.6 million.

Ekhuluma kwisithangami sabezindaba, uGumede uthe nakuba kunjalo, inkundla yezemidlalo isasebenza - njengoba lesi sithangami besibanjelwe kuyo.

 - The Mercury

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.