Udedelwe ngebheyili umama 'oshaye wabulala' usana lwakhe

2017-08-04 11:01

Johannesburg - Umama, 35, oboshelwe izinsolo zokubulala ingane yakhe enezinsuku eziyisikhombisa izelwe esibhedlela iZebediela, udedelwe ngebheyili yemali engu-R500 eNkantolo yeMantshi yaseMagatle ngoLwesine, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

Icala lihlehliselwe inyanga ezayo (Septhemba), ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe.

OLUNYE UDABA:Kufunwa oshwibe ingane yentombi, wayishayisa odongeni, yashona

Amaphoyisa asola  ukuthi umama ushaye ingane yakhe yaze yashona.

"Umsolwa wabeletha ingane yakhe esibhedlela, ingane ibisanakekelwa esibhedlela egunjini lezingane. Kusolwa ukuthi wangena kuleli gumbi ezenza umuntu owayefuna ukuncelisa ingane," kusho uNgoepe.

"Kuzwakale ukuthi wabe eseyiqubula ingane waqala washaya ngayo unesi, waqhubeka wayingqubuza ngekhanda phansi."

Ingane yashona ujuqu.

 - African News Agency

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.