Udedelwe ngebheyili umfundi obonakala kwi-video eshaya omunye

2017-08-14 14:00

Durban - Lidedelwe ngebheyili yemali engu-R1 500 eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma namuhla (ngoMsombuluko) ibhungu, 19, elibonakala kwi-video libhonya intombazane emagcekeni esikole.

ULindokuhle Dube, wanikelwa emaphoyisa ngoyise ngemuva kokuvulwa kwecala lokushaya ngoLwesihlanu.

Isigameko senzeka ngoNovemba esikoleni iSiyathuthuka High, eNanda, enyakatho yeTheku, ngaphambi kokusabalala ezinkundleni zokuxhumana.

OLUNYE UDABA:Uzovela kusasa obonakala kwivideo efaka omunye umfundi 'upitsi'

Kule video, le ntombazane ishaywa yileli bhungu ngesihluku ngaphambi kokuwa phansi. Kube sekubonakala sengathi iyopha kuyo le video.

Lokhu kuqinisekiswe yibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazwe iKwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, ngesonto eledlule ngesikhathi amaphoyisa esolwa ngokucebisa ubaba wesisulu, 17, ngokuthi angalivuleli icala leli bhungu.

 - TWITTER:


- IOL

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.