Udedelwe ngebheyili umsakazi nomkakhe kwelezidakamizwa

2018-04-19 16:05

Umsakazi ophinde abe ngu-DJ ezindaweni zobumnandi uDJ Dino Michael nonkosikazi wakhe banikezwe ibheyili ngesikhathi bevele eNkantolo yeMantshi yaseKapa ngoLwesine.

Laba bavele okokuqala enkantolo kulandela ukuthi oKlebe bethole indathane yezidakamizwa emzini wabo oseTamboerskloof ngoLwesithathu ebusuku.

Bobabili babekwe icala lokutholakala nezidakamizwa zohlobo lwe-cocaine ne-MDMA, ezingadayisa u-R2.6m ngentengo yasemgwaqeni.

Baphinde batholakala nesamba sika-R293 000.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa lakuleli 'libanjwe nezidakamizwa eBrazil'

UMichael, ubelokhu eligebise njalo ikhanda ngesikhathi esenkantolo, aphinde abonakale esula umjuluko esiphongweni.

Ngesikhathi kuqhubeka icala enkantolo kuvele ukuthi uMichael uphathwa yisifuba somoya kanti useke washaywa yinhliziyo kabili.

Ummeli walezi zithandani, uPete Mihalik, uthe abasolwa abanasizathu sokubaleka kuleli ngoba abanalutho abangaziphilisa ngalo kwamanye amazwe. Kanti nendodana yabo, 12, ikuleli.

UMihalik uphakamise ukuthi imali yebheyili ibe ngu-R50 000 kuMichael bese umkakhe adedelwa ngo-R10 000.

UMbuso awuzange usiphikise lesi sicelo, laba base benikezwa ibheyili ngombandela wokuthi bangaphumi eWestern Cape. 

Icala labo lizobuyela enkantolo ngomhlaka-12 Julayi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.