Udedelwe ngesexwayiso ubaba owaphonsa ingane phansi emi ophahleni

2018-04-23 17:59

Indoda esolwa ngokuphonsa ingane yayo yentombazane, 1, phansi yona imi ophahleni lomjondolo ngesikhathi izithunywa zikamasipala zidiliza imijondolo, isidedelwe ngesexwayiso yiNkantolo yeMantshi yaseNew Brighton, ePort Elizabeth. 

Lo baba, 38, igama lakhe eligodliwe ukuvikela umntwana, wathathwa izithombe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko emi phezu komjondolo eJoe Slovo esabisa ngokusacaza le ngane phansi, nebala waphetha ekwenzile lokhu.

Le ngane ngenhlanhla yanqakwa yiphoyisa likamasipala, uConstable Luyolo Nojulumba.

Umshushisi uNontshumayelo Balicawa uthe lo baba manje ubhekene necala lokuhlukumeza ingane, ngemuva kokuthi icala ayebekwe lona ekuqaleni lokuzama ukubulala laxegiswa. UMbuso ubungamelene nebheyili.

OLUNYE UDABA: Usebhekene nelokuhlukumeza ingane owajikijela indodakazi emi phezu kwendlu

UBalicawa uthe seluphothuliwe uhlelo lokuqinisekisa ukheli elisha likammangalelwa kanti nombiko kasonhlalakahle usuphothuliwe.

Ummeli wamahhala, uMxolisi Moolman, ube esenxusa inkantolo ukuthi ikilayenti lakhe lidedelwe ngesexwayiso.

UMoolman ufunde isitatimende sikasonhlalakahle esiveze ukuthi umndeni wale ndoda, okubalwa nezingane ezine, udla imbuya ngothi.

Uthe umndeni wale ndoda awunayo imali engenayo, ngaphandle kwemali engu-R1 200 yesibonelelo sikahulumeni, kanti usuxoshiwe emjondolo obuhlala kuwo ngoba awukwazi ukukhokhela umastende.

IMantshi uShivan Maharaj ube esekhulula lo baba ngesexwayiso, wathi imibandela yokudedelwa kwakhe ibandakanya ukuhlangana nosonhlalakahle obhekene nalolu daba, uma efuna ukubona umntwana.

Icala libe selihlehliselwa umhlaka-29 Meyi.

Udaba oluphelele lapha.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.