Udidekile umndeni ngelungu elishe langqongqa nendlu

2017-09-05 17:59

Pietermaritzburg - Udidekile umndeni wakwaMagaba, KwaMagaba, kulandela isigameko sokudlula kwelungu lomndeni elishe langqongqa lisegunjini lalo lokulala entathakusa ngoMgqibelo ekuseni.

Akukaqondakali ukuthi yini eholela ekutheni uSabelo Vidima ashe.

UThembinkosi Vidima, okhulumela umndeni, uthe bewumndeni basadidekile, akekho owaziyo ukuthi kwenzekani futhi naye wathola ucingo lumazisa ngesehlakalo ekuseni ngezithuba zabo-05:00.

 OLUNYE UDABA:Ushe wangqongqa nomuzi wakubo umfana, 3

UVidima uthe akanaso isiqiniseko sokwaholela ekutheni kudaleke ilangabi kodwa kusolwa ukuthi umufi wayotha isitofu endlini yakhe.

Uthe umfowabo wayejwayele ukotha isitofu uma kumakhaza kanti kungenzeka ukuthi wagcina esezumekile noma mhlawumbe wavukwa yisifo sokuwa ngaleso sikhathi njengoba sike simvuke lesi sifo.

UVidima uqhube ngokuthi umfowabo ubenempahla enhle endlini yakhe nayo eshe yangqongqa.

"Sibihlungu siwumndeni," kusho uVidima.

Kule ndlu kushe yonke into ebiphakathi.


 - KZN Eyethu

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.