Udilikajele kowabulala u-anti emsola ngokuthakatha

2017-12-02 12:00

Limpopo – Owesilisa owabulala u-anti wakhe ngoba emsola ngokuthakatha uyise ugwetshwe udilikajele yiNkantolo eNkulu eThohoyandou ngoLwesine ngoLwesine, kusho iNational Prosecuting Authority (NPA).

Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesihlanu, okhulumela i-NPA eLimpopo, uMashudu Malabi-Dzhangi, uthe u-Isando Rivimbi, 32, walahlwa yicala lokubulala nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nokwenze wanikezwa neminye iminyaka emithathu ngaphezu kwesigwebo sikadilikajele.

Isigwebo uzosidonsa kanye kanye.

Inkantolo yatshelwa ukutho ngomhlaka 9 Julayi 2016, eHlanganani eRotterdam village, uRivimbi nomngani wakhe bakha itulo lokubulala u-anti oneminyaka engu-89 ubudala bemsola ngokugulisa uyise ngokumthakatha.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa lizibulele ngemuva kokubulala unkosikazi

UMalabi-Dzhangi uthe abesilisa ababili baya emzini kamufi, bamcela ukuba abaphelezele bayobona ubaba kaRivimbi ogulayo. 

"Kuthe befika khona, bamyisa egunjini elithile nokuyilapho abasolwa bambamba khona izindla, bamnquma uqhoqhoqho. Isidumbu sakhe basifaka ebhaleni, bayosilahla emathuneni,” kusho uMalabi-Dzhangi.  

Isidumbu satholakala ngakusasa ekuseni ngemuva kokuba umakhelwane etshele amalungu omphakathi ukuthi ubone ezolandwa ngabesilisa ababili.

URivimbi wabanjwa wanikelwa emaphoyiseni, kodwa umngani wakhe yena wabulawa umphakathi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.