Udilikajele kowabulala ugogo wakhe emsola ngokumthakatha

2018-04-25 13:59

Indoda, 35, eyagwaza yaphinde yakhanda ugogo wayo ngamatshe waze washona, ilahlwe yicala lokubulala yase igwetshwa udilikajele yiNkantolo eNkulu yaseLimpopo ngoLwesibili.

Ngo-Agasti 2015, uWilliam Lebogo, wafuna ugogo wakhe ozala ubaba waze wamthola ngemuva kokuthi enze imikhuba ethile "yokuthakatha" emzini wabazali bakhe oseGa-Mashashane, ngaphandle kwasePolokwane.

ULebogo walivuma icala. Watshela inkantolo ukuthi walandela ugogo wakhe ngemuva kokuhluleka wukuchaza ukuthi yini le ayechela ngayo emzini wabazali bakhe.

Ehlisa isigwebo ngoLwesibili, iJaji uGeorge Phatudi uthe akukho angakwenza ngaphandle kokugixabeza uLebogo ngodilikajele.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala ugogo ematasa emlungisela ukudla

"Uma ungabulala abantu ngoba ucabanga ukuthi bayakuthakatha noma ubathukuthelele ngoba ubabona bechela okuthile ngakini...lokho kuyaphambana nomthetho," kusho uPhatudi.

Ngesikhathi kuqhubeka leli cala uLebogo, ngomlomo wommeli wakhe, wachazela inkantolo ukuthi wambulala kanjani ugogo wakhe.

Esitatimendeni, uLebogo watshela inkantolo ukuthi walandela ugogo wakhe wambulala ngoba wayemthakatha. Waphinde watshela inkantolo ukuthi usola ugogo wakhe ngokufa kukamama wakhe.

UPhatudi utshele uLebogo ukuthi isigwebo asitholile sihambisana nobucayi becala.

Ugogo kuthiwa wabulawa wukulimala kabi ekhanda.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.