Udilikajele kowadlwengula intombazane abadala besephathini

2018-03-22 14:03

Johannesburb - IMantshi yeNkantolo yaseGoli igixabeze indoda eneminyaka engu-27 ubudala ngodilikajele ngokudlwengula ingane eneminyaka engu-12 ubudala.

UTshiu Joseph Mofukeng kubikwa ukuthi wadlwengula le ntombazane ngomhlaka-26 Disemba 2017.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Xoli Mbele uthe u-anti wesisulu wahamba naso beya ephathini eyayisefulethini elikuHeidelberg Road ngoKhisimusi. Ngawo uKhisimusi ebusuku wathatha zonke izingane ezazikhona wayozilalisa kwelinye ifulethi wabe esebuyela ephathini.

OLUNYE UDABA:Ugwetshwe udilikajele ongcwabe ingane iphila

"Ngesikhathi ebuya ezobheka izingane wabona ukuthi umshana wakhe akekho endlini kanye nezinye izingane, enye yezingane yatshela u-anti ukuthi uhambe nomsolwa."

UMofukeng wathatha ingane wayitshela ukuthi ufuna imsize iyomfunisa omunye umuntu.

UMbele uthe u-anti wengane wayizwa ihayiza ngesikhathi eyithola wathi uma eyihlola wathola ukuthi idlwenguliwe.

Umsolwa wayeyivale umlomo ngesandla ngesikhathi egila lo mkhuba, waze wayidedela eseqedile nokuyilapho eyakwazi khona ukumemeza.

Amaphoyisa ayesebenza ngaleso sikhathi emgwaqeni abopha uMofukeng, ingane yahanjiswa esibhedlela lapho odokotela baqinisekisa khona ukuthi idlwenguliwe.

Inkantolo iyalele ukuba igama likaMofukeng libhalwe emabhukwini abantu abanamacala ocansi yaphinde yamthola engumuntu ongekho esimeni sokuphatha isibhamu. 


 - African News Agency

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.