Udilikajele kowadlwengula umzala

2017-09-29 09:30

Bushbuckridge – Owesilisa waseMpumalanga ugwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula umzala wakhe kabili ngosuku olulodwa.

UBilly Mokoena, 38, waseGreen Valley, ngaphandle kwaseBushbuckridge, ulahlwe yicala lokudlwengula isihlobo sakhe wagwetshwa udilikajele yiNkantolo kaMantshi eMhala ngoLwesine.

UMokoena waboshwa ngecala lokugqekeza nelokudlwengula ngo-Ephreli 2013.

Wagqekeza endlini kamzala wakhe oneminyaka engu-19 ubudala, wamkhomba ngommese, wabe esemdlwengula.

OLUNYE UDABA: BUKA: Okwenzeke kugetshengwa isitolo eGoli

UMokoena wabe esethatha lona wesifazane wamhambisa kubo kamngani wakhe nokuyilapho afike wamdlwengulela khona okwesibili.

UMokoena ucele inkantolo ukuba imehlisele isigwebo ngoba uyagula, kodwa isicelo sakhe sangaphumelela.

Ngemuva kwesigwebo, isisulu sithe sesikhululekile ngoba umuntu owasihlukumeza usewutholile umvuzo wakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.