Udilikajele kumgqekezi owabulala umnikazi womuzi

2017-08-16 07:02

Polokwane – Inkantolo yasePolokwane igixabeze umgqekezi owagwaza wabulala umnikazi womuzi udilikajele.

U-Alex Talent Chauke walahlwa yicala eNkantolo yesiFunda yaseSeshego, ngaphandle kwasePolokwane ngecala lokubulala u-Ignatius Petrus Oosthuizen, 30.

NgoMeyi 2015, uChauke wagqekeza emzini ka-Oosthuizen, oseSerala View, wamgwaza waze wambulala.

OLUNYE UDABA:Umgqekezi odubule abehamba naye ngephutha

Unkosikazi wakhe, 27, walimala engalweni ngesikhathi sesigameko, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe.

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazwe uLt. General Nneke Ledwaba ubashayele ihlombe abaseshi ngokwenza umsebenzi omuhle kuleli cala.

Kwesinye isigameko, umphakathi wasedolobheni elincane iPringle Bay usathuka izanya kulandela ukuthi kubulawe isakhamuzi sisekhaya laso.

Kulesi sehlakalo sekuboshwe owesilisa mayelana nokubulawa kwalo wesifazane, kusho amaphoyisa aseWestern Cape ngoLwesibili.

Isidumbu salo wesifazane, oseminyakeni eko-50 ubudala, sitholakale ngoMsombuluko ekuseni, kusho okhulumela amaphoyisa uSinathi Joni.

Imoto yakhe iHonda Jazz itholakale ishe yangqongqa endaweni eqhele ngo-30km ngemuva kokubikwa ukuthi ilahlekile.

Umsolwa, 20, kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseCaledon ngoLwesine, kanti uzobhekana necala lokubulala nelokweba imoto.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.