Udilikajele kwababulala iphoyisa elaliphenya icala ababhekene nalo

2017-10-28 09:05

EMpumalanga - UMqondisi wophiko loKlebe esifundazweni iMpumalanga, uMajor General Zodwa Mokoena, usamukele isigwebo sikaMthobisi Lennox Ngwenyama, 30, noSabelo Sunboi Lubisi, 24.

INkantolo eNkulu yaseNelspruit igwebe laba bobabili kanzima ngamacala abawenza ngesikhathi beqa esitokisini ngoMeyi 2015.

Laba babeboshelwe amacala okuphanga ngesikhathi beqa ezitokisini baqhubeka nobugebengu njengoba baphuma esitokisini badubula balimaza owesilisa nomkakhe ngaphambi kokushisa izimoto zabo ezimbili.

OLUNYE UDABA: Awukho umgqomo wokulahla umuntu - Ingxenye yokuqala

Ngemuva kokwenza lokhu, laba babaleka, kwathi ngemuva kwezinsuku ezimbili bagasela emzini wephoyisa uConstable Joseph Baloyi, bamdubula bambulala esanda kubuya ekhaya.

UBaloyi wayengumseshi owayephenya icala labo ngaleso sikhathi.

Leli cala lokubulawa kwephoyisa ladlulisela kuphiko loKlebe. Uphenyo lwalolela oKlebe endaweni yakwaChabalala nokuyilapho babanjwa khona abasolwa ngomhlaka-29 Meyi.

Ngemuva kokubanjwa kwabo, kwatholakala ukuthi bayabandakanyeka kwamanye amacala, okulindeleke ukuba aqulwe ngoNovemba wakulo nyaka.

UNgwenyama ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala, iminyaka engu-15 ngokuphanga kanye nengu-12 ngokuzama ukubulala nokulimaza impahla.

ULubisi yena ugwetshwe iminyaka engu-9 ngamacala amabili okuzama ukubulala kanye nokulimaza impahla, kubika iMpumalanga News.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.