Durban - Abusehli ubuthongo kuDoris Hlongwane, 58 wasoFolweni njengoba abasemzini bengasamfuni nalapho ahambe khona, kubika iLANGA.
Lo mama uthi abasemzini bamtshela ukuthi akabuyele kubo ngoba lomuntu afika ngaye akasekho emhlabeni.
OLUNYE UDABA: Uthenjiswe umshado umfelokazi wowayengumethuli wezinhlelo
Uthi izinkinga zakhe zaqala esanda kushona umyeni wakhe ngenyanga kwaLwezi ngonyaka odlule. Odadebakamyeni bathi akahambe.
Okummangaza kakhulu wukuthi baganile futhi banemizi yabo, manje akaqondisisi ukuthi kungani bemhlukumeza.
Lo mama uthi babehlala eMlazi nomyeni wakhe ongasekho uJeremiah Hlongwane futhi banamadodakazi amane.
"Sanquba ukuthuthela eFolweni kubo kamyeni ngoba amadodakazi ethu ayesekhulile futhi kwakungasahlali muntu ekhaya,"kusho uDoris.
Uthi umyeni wakhe wacela enduneni ukuba abuyiselwe lapha futhi netayitela lashintshwa labizwa ngegama lakhe ngesivumelwano asenza nomndeni wakubo.