Udinga usizo owesimame omidwayidwa ehlaselwa wotokoloshe

2017-12-21 11:02

eThekwini - Uphila kanzima owesimame othi sekuphele iminyaka eyishumi ehlaselwa wotokoloshe futhi engalutholi nosizo, kubika iKZN Eyethu.

Uthi lesi silwane simhlasela njalo ebusuku, okuyinto esimhlukumeze kakhulu empilweni yakhe.

Lokhu kwamqala ngo-2008 esafunda iBanga 11, egula, kuqine isisu, bese equleka. Kwaqhubeka lokhu kwaba nzima ngesikhathi esekholeji efundela ezokuvakasha, esehlaselwa yilesi silwane esasimshiya nezibazi.

Odokotela abehlukene behlulekile ukumsiza. Uthi kuze kwaba ngconywana emuva kokuba evakashelwe amakholwa ezomthandazela esibhedlela.

“Umthandazo uyasiza, nalo mama owayengithandazela wayeke engitshele ukuthi indlela engangenza ngayo yayingakhombisi ukuthi ngidinga ukwelashwa ngemithi,” kusho yena.

Waphuma esibhedlela esehamba nge-wheelchair ngoba wayengasakwazi ukuhamba. Wabuyela ekhaya, wacela ukulala egumbini elilodwa nomfowabo omncane enzela ukuthi amsize uma ehlaselwa yilento ebusuku.

“Sathi sisalele ngaphupha isilwane esincane singiqabula esidlathini. Ngezwa sesingiluma entanyeni. Ngathi ukuphaphama ngathola ukuthi le nto ebingiyiphupha nansi ilele phakathi kwami nomfowethu,” kuchaza yena.

OLUNYE UDABA:Ifuna idivosi ethole ukuthi umkayo akasiyo intombi nto

“Ngamemeza umama, kodwa akusabelanga muntu. Ngakhanyisa ngabe sengiphindela ezingubeni ngicabanga ukuthi kwaku liphupho nje, kodwa ngezwa ukuthi kune nto ehamba hamba embhedeni wami.

“Ngathi sengizumekile ngezwa into egxumela esifubeni yangiklinya. Ngangingakwazi ngisho ukunyakaza ngivuse umfowethu owayelele eceleni kwami nganyakazisa i-drawer eseceleni kombhede ukuze ngenze umsindo. Ubaba wezwa wabe eseza wangivusa.”

Ekuseni wathola ukuthi intamo yakhe nezingalo kwakubuhlungu kodwa kungenazibazi. Emva kosuku kwabe sekuvela izibazi ezingalweni, ezandleni nasesifubeni.

Abazali bakhe bathi umndeni uhleli lubhojozi, futhi awunamandla okuzivikela kule nto. Bathi okunye okubaphethe kabi ukuthi bathola izesabiso zokubabulala abangazazi zivela kubani.

Akusizanga nokuya kubathandazi nabaphathi bezwi likaNkulunkulu, ngisho nabelaphi bendabuko.

“Abanye bazamile ukusisiza kodwa abanye bazame ukusithathela imali. Sesibone izinto eziningi kabi ezingakholakali.

“Silahlekelwe yizinkulungwane zamarandi sifuna usizo, sathenga ngisho ubisi lwekameli ngoba kuthiwe luzosiza indodakazi yami iphole,” kukhala umzali.

Umndeni uthi usuhlukane noR250 000 ufuna usizo.

“Kulukhuni ukubona ingani yakho isesimweni esinzima kanje. Besazi ukuhleka kodwa kulo muzi manje sesazi usizo kuphela,” kulila umzali.

Umongameli wegatsha leKwaZulu-Natal  leSouth African Traditional Association uSazi Mhlongo, uthe kuyethusa lokhu okuchazwa yilona wesifazzane. Uthe useke wahlangana nezigameko ezifana nalesi.

“Ngiyafisa ukuthi angixoxele yena ngokwenzeka kuye ukuze sithole isixazululo,” kusho uMhlongo.

Umfundisi uPeter Pillay we-New Church, eRaisethorpe uthe useke wahlangana nabantu abanenkinga efana nalena.

“Kuqala ngamaphupho amabi, kulandele ukugula okubuhlungu, bese kuvela isilwane. Lezi zibazi zidalwa ukubona isilwane yilona wesifazane,” kuchaza umfundisi othe angawukhipha lo moya kulona wesifazane, “ngegama likaJesu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.