Udinwe uyaveva othi amaphoyisa abulale izinkukhu zakhe

2016-07-21 10:05

Johannesburg - UWilson Mphaniele udinwe uyaveva ngemuva kokuba ‘amaphoyisa kamasipala waseKurhuleni ngoLwesihlanu eshayise’ abulala izinkukhu zakhe ezingu-1 835.

UWilson waseTembisa, eKurhuleni uthi ulahlekelwe yizinkukhu zakhe ngenxa yamaphoyisa.

“Ngaziqalela ibhizinisi lezinkukhu ukuze ngondle umndeni wami. Benginethemba lokuthi ngizodala amathuba emisebenzi emphakathini.”

UWilson utshele iDaily Sun ukuthi ubenemvume ayithola kumasipala yokugcina izinkukhu futhi wanikezwa nesitifiketi.

Funda nalolu daba:  Balahlwe yicala abashaya bashisa iphoyisa ngomilo

Uthi uthuke kabi ngesikhathi amaphoyisa efika emtshela ukuthi kuzomele azibulale izinkukhu zakhe.

“Sizamile ukuwachazela ukuthi sinemvume esayinikwa umasipala futhi sizama ukufukula umphakathi, kodwa abengafuni kuzwalutho. Avele abulala izinkukhu,” kusho uWilson.

“Abhidlise ihhoko lazo esazakhela lona, izinkukhu zaphuma zabaleka. Ezinye zazo azishayisa ngezimoto zawo.”

Okhulumela amaphoyisa aseKurhuleni uWilfred Kgasago uthe bathole umyalelo wokuthi kumele bavale le ndawo yezinkukhu ngoba ayigunyaziwe kodwa bazophenya ngemininingwane evelayo manje.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.