Udinwe uyaveva umama wengane ehanjiswe ngesudi yesele ekilasini

2018-03-08 18:00

Durban - Uthukuthele ugane unwabu umama wengane ehlazeke phambi kwezinye ekilasini kanti futhi ufuna uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ungenelele kulolu daba.

Indodana yalo mama eneminyaka engu-8 ubudala eyenza uGrade 3 esikoleni samabanga aphansi KwaMashu esigcemeni sakwa-C enyakatho yeTheku, isiyesaba ukuya esikoleni.

Kusolakala ukuthi uthisha wayiphoqa ukuba ishaye ngesudi yesele ekilasini phambi kwabanye abafundi.

Lo mama, 32, ogcwele intukuthelo utshele iDaily Sun ukuthi ubezitshela ukuthi ingane uyiyise esikoleni ukuthi iyofunda, kepa esikhundleni salokho yathola ukuphoxeka.

Isigameko kuthiwa senzeke ngoLwesine ngemuva kokuba kubikwe ukuthi lo thisha wafika ekilasini wathola abafundi bebanga umsindo.

Kusolakala ukuthi lo thisha wasola lo mfanyana ngokwenza abanye abafundi babange umsindo wabe esemkhumula umfaniswano wesikole wathi akahambe ekilasini enqunu.

Umama wesisulu, uthe indodana yakhe yayiphatheke kabuhlungu ngosuku lwesigameko njengoba yayingafuni nokukhuluma.

OLUNYE UDABA:I-VIDEO: OwezeMfundo e-KZN uphenya esomfundi 'ogwazwe ngesikelo ekilasini'

"Yafika ekhaya, yangakudla nokudla yavele yayolala," esho.

"Ngaze ngezwa ngalezi zindaba ngabanye abazali ngesikhathi sengiyiphelezela ngoMsombuluko ekuseni.

"Bangitshela ukuthi izingane zabo zibaxoxele ukuthi indodana yami yahanjiswa nqunu ekilasini ngenkani," eqhuba.

Lo mama uthe lokho kwamuzwisa ubuhlungu wabuza indodana yakhe ukuthi ngabe kuyiqiniso yini lokhu akuzwile.

"Wavele wakhala umntanami wangisthela ukuthi uthisha wakhe wamsolwa ngokubanga umsindo ekilasini. Ngiyazi ukuthi uma ingane iganga iyajeziswa, kodwa hhayi kanje."

 Uthe lesi sigameko sisazoyizwisa ubuhlungu indodana yakhe ngoba ezinye izingane ziyamhleka.

"Ngiye esikoleni ngoLwesibili, kodwa uthishanhloko akazange angisize. Wathi akukho okungenziwa ngomuntu osebenzela uhulumeni,"" kusho lo mama etshela iphephandaba.

UKwazi Mthethwa, okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uthe: "Izingane akufanele zihlazeke kusetshenziswa igama likahulumeni. Ukuhlukumeza abafundi akwamukelekile ezikoleni zethu."

Uthe uMnyango uzolulandela lolu daba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.