UDJ Bongz ubehubhuza amanga ngokuba nomuzi eLa Lucia - Umbiko

2016-05-23 11:30

Johannesburg - UDJ Bongz uhubhuza amanga, kusho umthombi wezokujabulisa.

Ngonyaka ophelile lo DJ wayezishaya isifuba enkundleni zokuxhumana ethi unomuzi kanokusho oseLa Lucia eThekwini.

Kodwa imthombo yeSunday Sun ithi umuzi ngokalowo owayengusomabhizinisi futhi ongumgcinimafa we-ANCYL uReggie Govner" Nkabinde ongumnikazi wesitebele iMabalabala.

Lo mthombo uthe uDJ Bongz usanda kuzitholela umuzi wakhe ePinetown.

Ngokusho komthombo weSunday Sun oseThekwini lo DJ weculo Ofana nawe wadayisela uGovner amasheya esitebela iMabalabala.  Kuyimfihlo esobala ukuthi usebenzisana noGovner kulesi sitebela.

OLUNYE UDABA: Owe-Big Nuz usesibhedlela kulandela ukugwazwa

"Kodwa kuyimfihlo ukuthi uBongz ubeqamba amanga sonke lesi sikhathi  ukuthi unomuzi eLa Lucia," kusho umthombo.

Omunye umthombo uthe kowaziyo ukuthi uBongz ubehlala noGovner eLa Lucia.

Umthombo wesithathu utshele iSunday Sun ukuthi uBongz usehlala ePibetown emzini wakhe omusha.

"Kodwa abaxabene, basasebenza bobabili.Khumbula ukuthi uBongz usangaphansi kwalesi sitebela yize  eseyisisebenzi," kusho umthobmo.

UBongz ubengundabamlonyeni kuleli kulandela ukudalula amanani ekapisi lodumo iGwara gwara.

Kuleli sonto lo DJ ebuzwa ngomuzi osePinetown uthe: "Ngibonga uNkulunkulu ngokungibusisa ngomuzi osegameni lami.

"UNkulunkulu ungibusisile ngoba manje senginomuzi nezimoto othi mina.

"Kodwa angifuni ukunaba kakhulu sengikhathele ukuphawula.

"Okungcono asigxile emcimbini kaChris Brown othulwa yisitebele iMabalabala," usho njalo.

Kuleli sonto ngesikhathi iphephandaba lixhumana noGovner, uthe: "Angizidingidi izindaba ezinjalo nabezindaba."

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.