UDJ Zinhle ugadle kumlandeli omsole ngokuzenza uBonang

2017-02-09 18:02

Johannesburg – Omunye wasaziwayo abadumile kuleli endimeni yezikaqedisizungu, uDJ Zinhle, ushiye angalazi kumlandeli omsole ngokuzenza omunye usaziwayo ongumethuli wezinhlelo kumabonakude nasemsakazweni, uBonang Matheba.

Lokhu kulandela umbhalo kaZihle enkundleni yezokuxhuma, u-Instagram, othi: “Izimbali etafuleni lesidlo sakusihlwa beziyinto yokugcina ebengiyilindele ngesikhathi engitshela ukuthi sizoba nesidlo sakusihlwa,” uZinhle ubhale kanjalo.

OLUNYE UDABA: Umama kaSfiso Ncwane ufuna umbiko wokuhlolwa kwesidumbu sendodana yakhe

Ube esebonga isinqandamathe sakhe, waphinde wacela uNkulunkulu ukuthi amgcinele sona.

Kodwa-ke akuphelanga sikhathi esingakanani ngemuva kokufaka lo mbhalo njengoba kube sekuphawula omunye wabalandeli nothe: "Zinhle sithandwa sami asingenzi into ebonwa nayingane encane, kunomuntu othile ofake umbhalo wesithombe ofana nalo ezinsukwini ezimbili ezedlule,” kubabaza lo mlandeli obephawula mayelana nombhalo ofakwe uBonang ngemuva kokutatanyiswa yisinqandamathe sakhe.

Kube useyinyathele emsileni lo mlandeli kuDJ Zinhle njengoba ebe esephendula ngokuthi: “Awusiyena owokuqala, sengibone inqwaba yabesifazane abangakaze abangakaze badlule la ngadlula khona, besho amagama ayiziswana bese becabanga ukuthi kufanele ngoba ngingusaziwayo nje.

"Empeleni ngingaphezu kwalokho, ngingowesifazane okudingeka ukuthi ahlanganise impilo yakhe. Ngazixolela ngase ngiqhubekela phambili,” kusho uZinhle.

Zibonele izithombe ezihambisana nemibhalo ezafakwa uBonang kanye noDJ Zinhle ngezansi:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.