Udlame olwenzeka e-KZN luyinsila yohulumeni wobandlululo

2017-10-19 16:01

Durban - I-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal itshele ikhomishana kaMoerane ukuthi udlame olukhona eNingizimu Afrika luyinto eyenziwa ngamabomu nguhulumeni wobandlululo.

Le nhlangano yethula ubufakazi ngaphambi kwale khomishana ephenya mayelana nezigameko zokubulala okuhlobene nezepolitiki kulesi sifundazwe.

Izithunywa ze-ANC e-KZN, eziholwa nguSihle Zikalala zichithe usuku lwangoLwesine zikhuluma ngomlando wengcindezelo kanye nobandlululo eNingizimu Afrika nokuthi le mibuso yawutshala kanjani umkhuba wodlame ezweni.

OLUNYE UDABA: 'Lalisohlwini labazobulawa igama likaMagaqa'

UZikalala uthe ziningi izinto eziyizinsalela zomlando wethu ezisenzeka kodwa namanje emiphakathi, wanezezela ngokuthi ukubulalana kwakamuva kubeka obala ukuthi kunempi ekhona ngombango wezinsiza zomnotho, ubugebengu, ukulahleka konembeza kanye nokungabekezelelani kwezombusazwe.

Yingenxa yalezi zizathu uZikalala ethi lokhu kubulalana okukhona kuyingxenye yenkinga enkulu umphakathi obhekene nayo.

Nokho, uZikalala uyavuma ukuthi izinkabi nazo ziyanezezela kulesi sihlava sodlame esikhona e-KZN.

Kule khomishana kuleli sonto kuvele ukuthi igama likalowo owayenguNobhala we-African National Congress Youth League owabulawa, uSindiso Magaqa, lalisohlwini labazobulawa, kanye namagama abanye abaholi abahlanu eMzimkhulu, eningizimu yeKwaZulu-Natal.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.