UDlamini-Zuma ‘unengwa’ abathi ufuna ukuvikela uZuma ekushushisweni

2017-08-30 16:00

Johannesburg - UNkosazana Dlamini-Zuma usekuchithile ukugxekwa kwakhe ngokuthi ukufuna kwakhe ukuthatha izintambo kuMengameli Jacob Zuma kwesokuba nguMengameli kuyisu lokumvikela ukuze engeke ashushiswe ngamacala obugebengu.

UDlamini-Zuma, nowayenguSihlalo we-African Union, ungomunye wabaholi abahamba phambili okubhekwe ukuthi bazothatha izintambo kuZuma kwesokuba nguMengameli we-ANC kanjalo nesokuba uMengameli wezwe eminyakeni emibili.

UMengameli Zuma waziwa kakhulu njengomuntu osekela uDlamini-Zuma, nanezingane ezine naye, okunoCyril Ramaphosa embangweni ongase uhlukanise phakathi i-ANC.

UDlamini-Zuma utshele i-AFP ukuthi ukuthola “kunenga” ukubonakala njengokhethwe yilowo owayengumyeni wakhe ukuze amvikele ekushushisweni uma ngabe esephuma ejele.

OLUNYE UDABA:Izinsongo zokubulawa, umdonsiswano ezinkantolo embangweni wokuhola i-ANC

“Angeke ngikhethwe uMengameli Jacob Zuma,” usho kanjalo ngemuva kokwethula inkulumo eGoli.

“Uma ngabe ngikhethwa, ngizokhethwa abantu abaseNingizimu Afrika futhi bazobe benezizathu zokuthi kungani bekhetha mina.”

UDlamini-Zuma, 68, nowayenguNgqongqoshe kwiKhabhinethi, akakakumemezeli emphakathini ukuthi uzongenela umbango wokuhola i-ANC.

Kodwa ubelokhu ekhankasa ezingxenyeni eziningi zezwe emasontweni adlule, ebheka ukwesekwa ngaphambi kwengqungquthela yeqembu yokukhetha ubuholi ngoDisemba, nalapho izithunywa zizokhetha khona umholi omusha.

UZuma, nozophuthula ihlandla lakhe lokugcina esehhovisi ngo-2019, angase abhekane nenqwaba yamacala asezinkantolo nokubalwa kuwo amacala alinganiselwa ku-800 enkohlakalo angase avuswe nathinta isivumelwano sango-1990 sezigidigidi zamarandi sokuthengwa kwezikhali (arms deal).

UNkosazana Dlamini Zuma ekhuluma noMengameli Jacob Zuma ngesikhathi kubungazwa ukuqokwa kwakhe njengoSihlalo we-African Union Commission ngo-2012. (GCIS)

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.