'UDlamini-Zuma usetshenziswa ngokwamava akhe, hhayi ukuthi ungowakwaZuma'

2017-09-11 12:30

Johannesburg – Akukuhle ukuba lowo ogaqele isikhundla sokuhola i-ANC uNkosazana Dlamini-Zuma athathwe njengomuntu omele umndeni wakwaZuma kuphela, kusho unobhala jikelele we-ANC uGwede Mantashe ngeSonto eseVosloorus.

UMantashe ubekhuluma namalungu e-ANC esifundweni ebesimayelana no-Oliver Tambo.

Evikela isinqumo se-ANC sokubuyisela uDlamini-Zuma ePhalamende, uthe wayevele esohlwini lokuqala lwabalungu angu-20 aphezulu e-ANC ayezofakwa ePhalamende.

"Asimfaki ngoba engowakwaZuma. Simfaka ngoba ohlwini lokuqala lwamalungu ePhalamende, wayebalwa nangu-20 aphezulu. Usebuyile manje, ngakho sekumele simbuyisele,” kusho uMantashe.

UMantashe ubephendula imibuzo yelungu legatsha elibuze ukuthi kungani i-ANC ilawulwa yimindeni ePhalamende.

Uthe i-ANC ayivumelani nalokho, ukuba umuntu ahlonzwe ngomndeni wakhe.

OLUNYE UDABA: UMengameli unxuse ukuba kukhulekelwe abaholi 

"Ngesikhathi bebaningi abantu bakwaZuma emzabalazweni, akekho owayethi baningi kakhulu abantu bakwaZuma.

“Uma abantu benenkinga, ubezwa sebekhuluma ngomndeni”.

Uthe i-ANC ngeke iwashaye indiva amaqabane ayo ngoba nakhu eshade namanye amaqabane.

Uphinde wathi uDlamini-Zuma kumele asetshenziswe uma ewenza ngendlela umsebenzi wakhe enhlanganweni.

UDlamini-Zuma kulindeleke afungiswe njengelungu lePhalamende elizovala isikhala sikaPule Mabe, owesula ngasekuqaleni kwenyanga.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.